Zodwa Ndlovu

Ngiyambonga uNkulunkulu

Ngazane nemission yaKwasizabantu ngonyaka ka2000. Ngafika khona konakele impilweni yami. Izwi layihlaba inhliziyo yami. Ngathola ithuba lokuba ngikhiphe lokhu okwakusenhliziyweni yami engangizizwela ukuthi uNkulunkulu uyangisola ngakho. Kwaba yisimanga kimina engakuzwa enhliziyweni yami emvakwalokho.

Ukusekelwa engakuthola kubazalwane bakwasizabantu akuchazeki. Umfana wami naye waba nenhlanhla yokuthola ithuba lokuyofunda eDSS, waze waqeda uGrade 12 khona. Inhliziyo yami igcwele ukumbonga uNkulunkulu ngezinceku zakhe, ezishumayele iqiniso. Ngaze nami ngathola ukusizakala ngisho maqondana nokukhulisa umntwana ngendlela, kube nabazalwane abebeyisibonelo kakhulu empilweni yami. uNkulunkulu ubasebenzisile ukuthi bangiseke kokuningi.

Ngiyambonga kakhulu uNkulunkulu ngiMission yakwasizabantu, nangoBaba uMfundisa ngevangeli leqiniso abalishumayelayo ngiyilokhu engiyikho ngenxa yalelivangeli. Kufika iculo elithi masiqhubeke njalo njalo bathandekayo sizesinqobe, izimpi zonke zizophela ngoJesu sizophumelela

Ngiyambonga uNkulunkulu

Zodwa Ndlovu

 

I got to know KwaSizabantu Mission in the year 2000. When I went there, things were not going well in my life. The word of God pierced heart. I then got an opportunity to expose all that which was in my heart which I felt God convicting me of. What I felt in my heart after that was incredible.

I cannot explain the support that I received from the brethren from KwaSizabantu. My son also got an opportunity to go to school at DSS and he matriculated there. My heart is filled with gratitude to God because of His servants who preach the truth. I received a lot of help even with regards to how to raise a child in the right way because I had some believers who were exemplary to me. God also used them to support me in many ways.

I thank God for KwaSizabantu Mission, and for Reverent Stegen and for the Truth which they preach.  I am what I am because of this Gospel. I am reminded of the song that says “let us persevere, beloved, until we overcome; all strive will cease and through Jesus we shall be victorious.”

I thank God

Zodwa Ndlovu