Youth Conference July 2026
Gcina Inhliziyo Yakho
Inhliziyo iyisitho somzimba esingabonakali, kodwa uma igula noma ithinteka nanoma ingayiphi indlela, kuthinteka umzimba wonke, umuntu angafa. Ngokufanayo, iNgqunguthela Yabasha ebesinayo ikucacise ukubaluleka kwezinhliziyo zethu zokomoya, njengoba sifunda encwadini yeZaga 4:23:
"Ngaphezu kwakho konke okugcinayo, gcina inhliziyo yakho."
INgqungquthela Yabasha ebibanjwe kusukela mhla zingama-30 kuNhlangulana kuya mhla zi-5 kuNtulikazi, ihlanganise abasha abavela emasikweni ahlukahlukene nasezizweni eziningi emhlabeni wonke jikelele.
Usuku nosuku belugcwele izinhlelo ezijabulisayo nezakhayo, ikakhulukazi usuku lwangoMgqibelo, mhla zi-4 kuNtulikazi obekungu suku lwezemidlalo.
Kube yisimanga ukuthi sizizwele ubumnandi bokushiya izinkathazo neziphazamiso zokuphila kwansuku zonke, sigxile emyalezweni kaNkulunkulu wethemba, wenhloso, kanye nekusasa asilungiselele lona.
Wonke umuntu omusha unento ekhethekile ngaye okufanele ingamlahlekeli. Lokhu kungaba:
- Ubumsulwa
- Unembeza ohlanzekile
- Amandla obusha
- Amathuba esiwaphiwe nguNkulunkulu
UMfundisi uStegen wasikhumbuza ngaleli qiniso ngendaba ethi "Umlindi Womthombo" (Keeper of the Spring).
"Gcina inhliziyo yakho ngokucophelela. Kufanele uhlale uyiqaphile inhliziyo yakho. Uma ungayiqapheli, izokuhlupha. Izokonakalisa ukukholwa kwakho futhi ikuholele ekubhujisweni kwengunaphakade. Uma ufuna ukuphila kahle ngokomoya nangokomzimba, beka iZwi likaNkulunkulu phambi kwakho njalo."
Egameni layo yonke intsha, siyabonga eNkosini ngothando nokunakekelwa esikubonisiwe eMishini. Ukwamukelwa kobunjalo bethu ngemfudumalo. Izidingo zethu zonke zanakekelwa—kusukela ekudleni okumnandi, indawo yokulala, kuze kufike nasemanzini ashisayo okugeza.
Basha, masingamniki uSathane ithuba, kodwa masivumele uNkulunkulu ukuba asibuse futhi ahole izinhliziyo zethu.


